I-fish processing establishment kungaba yimoto, umkhumbi, isakhiwo noma indawo lapho okukhiqizwa khona i-substance noma i-article yezinhlanzi. I-substance ingakhiqizwa nganoma yiyiphi indlela efana nokusika, ukuhlinza, ukuhlukanisa izingxenye, ukuhlanza, ukuqoqa nokuhlela ukusika uqweqwe kanye nokwenza okuvimbela ukuvunda kwezinhlanzi . Ukwenza lomsebenzi kungabandakanya indawo lapho izinhlanzi ezifakelwa khona emathinini, ezipakelwa khona, ezomiswa khona, ezikhishwa amathumbu nokwangaphakathi, ezifakelwa khona usawoti , eziqandiswa khona ngo-ayisi (iced), ezibandiswa khona, ezomiswa khona ngokuqandiswa (frozen) noma eziproseswa khona ukuze zithengiswe eNingizimu Afrika noma ngaphandle kwayo.
Ukwenza umsebenzi wokuprosesa izinhlanzi, kumele uqale wenze isicelo se-FPE/ ilungelo lokudweba ebese linikezwa. Ukusebenzisa ilungelo lokudweba noma ilungelo lokwenza umsebenzi we-FPE, kumele kwenziwe isicelo semvume evuselelwa ngonyaka, kanti futhi ekhishwa ngaboMnyango wesimo seNdalo nezokuVakasha . Onikezwe imvume kumele alandele imibandela nezimo ezichazwe kwimvume. Ukuhluleka ukwenza lokho kungaholela ekumisweni noma ekukhanselweni kwemvume noma ekuhoxisweni kwelungelo.
Yenza kuphela isicelo selungelo lokudweba lapho kunesimemo esishichilelwa kuGazethi kaHulumeni.
Ukwenza isicelo, thola ifomu kwaboMnyango wesimo seNdalo nezokuVakasha noma ezindaweni lapho amafomu angatholakala khona noma aphakelwa khona okuyindawo eyokwaziswa ngabe-DEA&T.
Funda ngokucophelela, uqondisise kanye nokuqinisekisa ukuthi wenelisa izidingo nemibandela yesicelo.
Gcwalisa, usayine kanye nokufakele ifomu lesicelo elihambisana namadokhumende asekelayo aqinisekisiwe, kanye nemali yesicelo engabuyiselwa emuva.
Inqubo yohlolo iyoqala ngemuva kokuvalwa kosuku lokufakelwa kwezicelo, kanti imiphumela iyokwaziswa ngezincwadi ngabe-DEA&T. Uma kunikezwa ilungelo le-FPE, kumele wenze isicelo sokwenza i-FPE kanye nokunelisa izidingo zakhona ngaphambi kokuba unikezwe imvume.
Isicelo selungelo le-FPE singathatha inyanga eyodwa ukuya kuzinyanga ezintathu noma ngaphezulu ngenxa yobuningi bezicelo. Iisicelo semvume ye-FPE singathatha usuku noma ngaphezulu , kuye ngokuthi isicelo sifakwe ngokulandela inqubo efanele.
Imali ekhokhwayo ibuyekezwa ngonyaka/ibekwa ngonyaka nguNgqongqoshe noma ubuthunywa bokugunyaza, obuhlanganyelwe noNgqongqoshe wezeziMali.
R1 330 kanye nemali yesicelo engu-R125 - Isicelo semvume yokudweba: ukwenza umsebenzi wokuprosesa izinhlanzi.
